Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 34:8 - IsiZulu 2020

8 Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 34:8
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


Kwaphela izinsuku ezingama-40, okuyizinsuku zokugqumisa. AbaseGibhithe bamlilela izinsuku ezingama-70.


Umka-Uriya wezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile. Wamlilela umyeni wakhe.


Olungileyo uyabhubha, akekho okubeka enhliziyweni lokho; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa enhlekeleleni,


Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu.


UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka