Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 34:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 34:8
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.


Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.


Umka-Uriya esezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.


Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,


Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.


UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka