UNumeri 21:32 - IsiZulu 2020 UMose wathumela izinhloli ukuhlola iJazeri, balidla, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori ayelapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori abekhona. |
Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri.
Ngiyakukhalela wena mvini waseSibhina, ngikukhalela kakhulu kuneJazeri, ngokuba amagatsha akho alwedlulile ulwandle, aze afinyelela olwandle eJazeri. Umbhubhisi uzakuthelekela izithelo zenu namagilebhisi enu.
Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,
“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,
indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,
Ngathumela iminyovu phambi kwenu, eyaxosha phambi kwenu amakhosi amabili ama-Amori, kwakungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.