Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 13:25 - IsiZulu 2020

25 indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri ephambi kweRaba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 13:25
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini.


Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri.


KumaHebhroni, nguJeriya owayeyinhloko yezizukulwane ngokwezindlu zoyise. Ngonyaka wama-40 wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwatholakala phakathi kwabo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.


iHeshibhoni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.


Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe, kwabuna nezivini eSibhima, ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo, ayedaka amakhosi ezizwe afinyelela naseJazeri, enabela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.


Imizi e-Aroweri iyakushiywa ibe ngeyemihlambi; ibuthise khona, ingethuswa muntu.


Ngiyakukhalela wena mvini waseSibhina, ngikukhalela kakhulu kuneJazeri, ngokuba amagatsha akho alwedlulile ulwandle, aze afinyelela olwandle eJazeri. Umbhubhisi uzakuthelekela izithelo zenu namagilebhisi enu.


Enye indlela okuzofika ngayo inkemba, uyenze eRabha labakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


UMose wathumela izinhloli ukuhlola iJazeri, balidla, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori ayelapho.


i-Athirothi Shofanu, iJazeri, iJogibheha,


Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,


UMose wanika isizwana sakwaGadi ifa, ngokwemindeni yaso:


kubuye kusuke eHeshibhoni kuye eRamathi Mizpha neBhethonimi, kusuke eMahanayimi kuya esifundeni saseDebhiri,


iHeshibhoni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, imizi emine isiyonke.


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; noDani walibalelani ngasemikhunjini, na? U-Ashera wahlala akanyakaza ogwini lolwandle, wahlala ngasethekwini lalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka