Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 13:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri ephambi kweRaba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 13:25
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukulwa, uDavida wathuma uJowabi lenceku zakhe kanye laye loIsrayeli wonke; babulala abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wasala eJerusalema.


UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathumba umuzi wobukhosi.


Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nomfula uGadi naseJazeri.


KumaHebroni kwakukhona uJeriya inhloko yamaHebroni ngokwezizukulwane zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide bafunwa, kwafunyanwa kubo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.


neHeshiboni nedlelo layo, neJazeri namadlelo alo.


Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile, nomvini waseSibima; ababusi bezizwe badiliza izithombo zawo, zaze zafika eJazeri, zazulazula ehlane; amagatsha awo aneluliwe, aphezu kolwandle.


Imizi yase-Aroweri iyihlane; ayoba ngeyezimvu ezibuthisayo, futhi akukho muntu oyoyethusa.


Wena mvini waseSibima, ngiyakukhalela ngokukhala kukaJaseri; izitshalo zakho zawela ulwandle, zafinyelela olwandle lwaseJaseri; umchithi uwile ezithelweni zakho zasehlobo nasekuvunweni kwakho kwemivini.


Misa indlela, ukuze inkemba ifike eRabbati labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema, umuzi oyisivikelo.


Kodwa ngizaphemba umlilo odongeni lweRaba, njalo uzaqeda izigodlo zalo, ngentokozo ngosuku lwempi, ngesivunguzane ngosuku lwesiphepho.


UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori abekhona.


ne-Atroti, noShofani, noJazeri, noJogibeha,


“Nxa usondela kubantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungaphambanisi nabo; ngokuba angiyikuninika ifa lezwe labantwana bakwa-Amoni; ngoba ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.


Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.


nelakwaGileyadi, nomkhawulo wamaGeshuri, namaMahagati, nayo yonke intaba yaseHermoni, neBashani yonke, kwaze kwaba seSaleka;


UMose wanika isizwe sakwaGadi ifa, abantwana bakwaGadi ngezizukulwane zabo.


kusukela eHeshiboni ukuya eRamatimispa naseBetonimi; kusukela eMahanayimi kuze kufike emngceleni waseDebiri;


iHeshiboni nedlelo layo, neJazeri nedlelo layo; amadolobha amane esewonke.


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani, uDani wahlala ngani emikhunjini? U-Asheri wahlala ogwini lolwandle, wahlala emifantwini yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka