UNumeri 21:20 - IsiZulu 2020 Basuka eBhamothi, baya esifundeni sakwaMowabi nasesiqongweni iPhisiga, elibheke ezansi ngasehlane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane. Contemporary Zulu Bible 2024 basuka eBamoti esigodini esisezweni lakwaMowabi, baze bafika esiqongweni sasePisiga elibheke eJesimoni. |
Abakwa-Israyeli bahamba, bakanisa emathafeni akwaMowabi, phesheya kweJordani maqondana neJerikho.
Wamsusa lapho waya naye ensimini eZofimu, esiqongweni sentaba iPhisiga. Wakha ama-althare ayisikhombisa, kwathi kulelo nalelo althare wenza umnikelo ngenkunzi nenqama.
UBhalaki wamthatha uBhileyamu wamyisa esiqongweni iPheyori elibheke ngezansi ngasehlane.
Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho.
Khuphukela esicongweni iPhisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, enyakatho, eningizimu, nangasempumalanga, uzibonele ngokwakho, ngokuba awuyukuliwela leli Jordani.
UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani,
nalo lonke i-Araba, phesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube solwandle i-Araba phansi kwemithambeka iPhisiga.