Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 20:6 - IsiZulu 2020

UMose no-Aroni basuka phambi kwebandla baya ngasemnyango wethende lokuhlangana. Bawa ngobuso bathi mbo emhlabathini, base bebona kuvela inkazimulo kaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi uMozisi loAroni besuka ebandleni besiya emnyango wethente lenhlangano, bawa ngobuso, inkazimulo yeNKOSI yabonakala kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 20:6
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Ngiyakwenzani ngalaba bantu na? Sekusele kancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


USimakade wehla ngensika yefu, wema ngasemnyango wethende, wabiza u-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili baya kuye.


Yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kubo bonke abantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana.


UMose no-Aroni bathi mbo ngobuso phansi, phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantu bakwa-Israyeli.


UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.


UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”


Wathi ukuba uMose akuzwe lokhu wathi mbo ngobuso emhlabathini.


Kwathi inhlangano isibavukela oMose no-Aroni, babheka ngasethendeni lokuhlangana. Bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaSimakade yabonakala kulo.


“Khuphuka, uqhele phakathi kwale nhlangano ukuze ngiyibhubhise ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.”


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.