7 USimakade wathi kuMose:
7 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”
UMose no-Aroni basuka phambi kwebandla baya ngasemnyango wethende lokuhlangana. Bawa ngobuso bathi mbo emhlabathini, base bebona kuvela inkazimulo kaSimakade.
“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”
“Kepha uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, akabe esangilalela. USimakade wathi kimi: ‘Kwanele manje; ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba.