Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 16:22 - IsiZulu 2020

22 UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 16:22
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi: “Ngicela Nkosi ungangicasukeli, ngiphawule okokugcina. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale lapho abalishumi.” Yaphendula yathi: “Ngenxa yabalishumi angiyukuwubhubhisa.”


Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.


UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?


Inkosi uZedekiya yafunga ngasese kuJeremiya, yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owasenzela lo mphefumulo, angiyukukubulala, futhi angiyukukunikela esandleni salawo madoda afuna ukuphila kwakho.”


Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


UMose no-Aroni bathi mbo ngobuso phansi, phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantu bakwa-Israyeli.


Wathi ukuba uMose akuzwe lokhu wathi mbo ngobuso emhlabathini.


“Khuphuka, uqhele phakathi kwale nhlangano ukuze ngiyibhubhise ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


“USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano,


Ngakho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye, kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga, kwaba khona ukulungisiswa kokuphila kubantu bonke.


lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.


Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na?


ukuba namuhla nimhlubuke ningabe nisamlandela uSimakade, na? Uma nimhlubuka namuhla uSimakade, uzoyithukuthelela yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka