Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.
UNumeri 17:10 - IsiZulu 2020 USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni phambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kwabahlubukayo; futhi uyosusa ukububula kwabo kimi, ukuze bangafi. |
Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.
UMose wathi: “Yileli izwi uSimakade aniyala ngalo, ethi: ‘Makugcinwe i-omeri eligcwele lalokhu ukuze izizukulwane zenu zibone ukudla enganondla ngakho ehlane, lapho nginikhipha eGibhithe.’ ”
Njengalokhu uSimakade emyalile uMose, u-Aroni walibeka i-omeri lemana phambi kobufakazi, ukuze lilondolozeke kahle.
Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.
“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?
UMose no-Aroni bathi mbo ngobuso phansi, phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantu bakwa-Israyeli.
Izitsha zempepho zalezi zoni sezingcwele ngenxa yomvuzo wempilo yazo nangokuba zaziletha kuSimakade. Zicangcathe zibe yizingcwecwe zokwemboza i-althare, zibe wuphawu futhi kubantu bakwa-Israyeli.”
zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.
Uyozibeka ethendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana nawe khona.
UMose wazikhipha izintonga phambi kukaSimakade wazikhiphela kubo bonke abantu bakwa-Israyeli, babona, kwaba yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.
Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.
Izikhohlakali nabangenamsebenzi walutho kulabo bantu ababehambe noDavide, bathi: “Ngenxa yokuba bengahambanga nathi, asiyukubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba bathathe abafazi babo nezingane zabo bahambe.”