Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 9:7 - IsiZulu 2020

7 “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 9:7
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na?


Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane.


Abantu baxabana noMose, bathi: “Sinike amanzi ukuze siphuze.” UMose wathi kubo: “Nilwelani nami na? Nimvivinyelani uSimakade na?”


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


“Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda benze okubi kuphela phambi kwami, kusukela ebuntwaneni babo. Ngokuba abakwa-Israyeli akukho okunye abakwenzile ngaphandle kokungicunula ngemisebenzi yezandla zabo, kusho uSimakade.


Senizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu, ezamakhosi akwaJuda, nezamakhosikazi awo; izenzo zenu ezimbi nezamakhosikazi enu enazenzayo ezweni lakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Niyakukhumbula izindlela zenu nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo, nenyanye ubuso benu ngakho konke okubi enikwenzileyo.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.”


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


Abamemela emadilini emihlatshelo yonkulunkulu bawo. Abakwa-Israyeli bafike badla, bakhothamela onkulunkulu bawo.


Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu.


Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni,


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.


“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka