abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi.
UNumeri 15:15 - IsiZulu 2020 Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe kube yisimiso kini, ebandleni nakumfokazi ogogobeleyo kini, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengoba unjalo wena, umfokazi makabe njalo phambi kukaJehova. |
abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi.
“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.
USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,
Umthetho oyakubekelwa abozalo nabafokazi abagogobele phakathi kwenu uyakufana.”
U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.
Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
“Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayoshaya amacilongo, kuyokuba kini yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu.
Umfokazi ogogobele kwakho, noma ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu, uyonikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade, uyokwenza njengalokhu nani nenza.
Niyoba nomthetho ofanayo kowengabadi kwa-Israyeli nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu, lapho bone ngokungenhloso.
USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade.
“ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ”
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.
lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.
Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.
Kwenzeka kanjalo kusukela ngalolo lusuku kuqhubeka, wakwenza lokho kwaba yisimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.