Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 15:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kumelwe kube yisimiso kini, ebandleni nakumfokazi ogogobeleyo kini, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengoba unjalo wena, umfokazi makabe njalo phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 15:15
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AmaJuda anquma futhi azithathela wona kanye nenzalo yawo nabo bonke abazihlanganisa nawo, ukuze kungapheli, ukuthi bagcine lezi zinsuku ezimbili njengemibhalo yabo nangesikhathi sazo esimisiwe unyaka nonyaka;


Lolu suku luyakuba yisikhumbuzo kini; futhi kumelwe niligubhele uJehova ezizukulwaneni zenu; uyakuwugcina kuze kube phakade njengesimiso.


Kumelwe niyigcine le ndaba ibe yisimiso sakho nakubantwana bakho kuze kube nini nanini.


INkosi yasisithi kuMozisi lakuAroni: Nanku umlayo wephasika: owezizwe kangalidli.


Kumelwe kube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobele phakathi kwenu.


U-Aroni namadodana akhe kumelwe bembathe lapho bengena etendeni lokuhlangana, noma lapho beza e-altare ukuze bakhonze endlini engcwele; ukuze bangathwali ububi futhi bafe; kuyakuba yisimiso esiphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe emva kwakhe.


Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni lakini, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Amadodana ka-Aroni, abapristi, kumelwe abethe amacilongo; kuyakuba yisimiso kini kuze kube phakade ezizukulwaneni zenu.


“ ‘Uma umfokazi egogobele kini, noma ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu, eletha umnikelo womlilo omnandi kuJehova, njengoba wenza, kanjalo Naye uzokwenza.


Niyakuba nomthetho munye ngowonile engazi, kozelwe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nakomfokazi ogogobele phakathi kwabo.


UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike umsebenzi weminikelo yami yokuphakanyiswa yazo zonke izipho ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli; ngikunikile wona ngenxa yokugcotshwa kwakho namadodana akho njengesimiso esiphakade.


“ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, egcina iphasika kube yinkazimulo kaJehova; njengokwesimiso sephasika nangokwesiko lalo uyakwenza kanjalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Wonke u-Israyeli, namalunga akhe, nezikhulu, nabahluleli bakhe, bema ngalapha komphongolo nangapha phambi kwabapristi, amaLevi athwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nomfokazi, naye wazalwa phakathi kwabo; inxenye yabo malungana nezintaba zeGerizimu, nenxenye yabo malungana nentaba yase-Ebali; njengalokho uMose inceku kaJehova ayala ngaphambili ukuba babusise abantwana bakwa-Israyeli.


Kwathi kusukela ngalolo suku kuya phambili wakwenza kwaba yisimiso nesimiso kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka