Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 15:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kumelwe kube yisimiso kini, ebandleni nakumfokazi ogogobeleyo kini, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengoba unjalo wena, umfokazi makabe njalo phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 15:15
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,


“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


“Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.


UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli;


Mawube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.”


u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.


Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


“Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Uma umfokazi egogobele kuwe, noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.


Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu, nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.


UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa; zonke izinto ezingcwelisiwe zabantwana bakwa-Israyeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube yisimiso esiphakade.


“ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”


Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.


Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka