Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.
UNumeri 11:25 - IsiZulu 2020 USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda. Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yehla ngefu, yakhuluma kuye, yathatha okoMoya ophezu kwakhe, yakunika amalunga angamashumi ayisikhombisa; lapho uMoya uhlezi phezu kwabo, baprofetha, kodwa abazange bayeke. |
Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.
Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.
Nokho ngiyakunxusa ukuba uthethelele isono sabo; uma ungabathetheleli, ngesule encwadini yakho oyibhalileyo.”
Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.
Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle nabelusi bomhlambi wakhe na? Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.
Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.
USimakade wehla ngensika yefu, wema ngasemnyango wethende, wabiza u-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili baya kuye.
UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.
USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,
Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu.
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.
Kuthe ukuba bafike entabeni, kweza iviyo labaphrofethi ukuzohlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waphrofetha ephakathi kwabo.