Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 34:5 - IsiZulu 2020

5 USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 INkosi yehla ngeyezi yema lapho kanye naye, yabiza iGama leNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 34:5
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuze igama likaSimakade lishunyayelwe eZiyoni, nodumo lwakhe, eJerusalema,


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”


Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose.


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.


Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.


USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi.


USimakade wehla ngensika yefu, wema ngasemnyango wethende, wabiza u-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili baya kuye.


“Ngakho-ke ake ubonakalise amandla akho njengalokhu wakhuluma, wathi:


ngokuba ngiyomemezela igama likaSimakade: ngimnike udumo uNkulunkulu wethu.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka