Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 1:4 - IsiZulu 2020

Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kuyakuba nawe indoda esizweni; yilowo nalowo inhloko yendlu yawoyise.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 1:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwana, abaholi boyise babantu bakwa-Israyeli babuthana enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuze bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade emzini kaDavide iZiyoni.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.


Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli, bengamadoda ali-12, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kakhokho wayo.


Entongeni kaLevi uyoloba igama lika-Aroni, ngokuba kuyoba nenhloko eyodwa kuleyo naleyo ndlu yokhokho.


Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa nowesifazane wakwaMidiyani, kwakunguZimri kaSalu, isikhulu sendlu yabakwaSimeyoni.


USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”


UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade:


UMose, u-Aroni nabaholi benhlangano, babala abozalo lukaKhohathi ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo,


Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


UFinehasi wayehambisana nezikhulu ezilishumi, kuyisikhulu ngendlu kayise kuzona zonke izizwana zakwa-Israyeli, kuyileso naleso simele indlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.