Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 1:16 - IsiZulu 2020

16 Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Laba babeyizikhulu zebandla, izikhulu zezizwe zawoyise, izinhloko zezinkulungwane kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 1:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


KwaNafethali: u-Ahira indodana ka-Enani.”


UMose no-Aroni bathatha lawa madoda ayebizwe ngamagama,


Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.


Uma kubethwa elilodwa, bonke abaholi nezinhloko zezindlu zemindeni yakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.


Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.


bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo.


Amadodana ka-Eliyabe: nguNemuweli, uDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu babekhethwe phakathi kwenhlangano, bamelana noMose no-Aroni beseviyweni likaKhora, lapho bavukela khona uSimakade.


UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade:


Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


Waphendula wathi: “Kodwa Nkosi, ngingamkhulula kanjani u-Israyeli, na? Umndeni wakithi ungomncinyane kwaManase, nami ngingomncane endlini kababa.”


USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimile: “Lalelani lapha nina bakwaBhenjamini; indodana kaJese yiyo yini ezoninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu na?


Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka