UMikha 2:4 - IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalolosuku umuntu uyakwenza umfanekiso ngani, alile ngesililo, athi: Sibhujisiwe saphela; Washintsha indawo yabantu bami; uyisuse kanjani kimi! Wahlukanisa insimu yethu. |
UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.
nihaye le ngoma, nedelele inkosi yaseBhabhele, nithi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokuqedwa kokuqhosha!
Umhlaba uyokuba yincithakalo, uphangwe impela, ngokuba uSimakade ulishilo leli lizwi.
Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,
Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”
Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!
Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.
Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.
Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”
“ ‘ “Bonke abacaphuna izaga, bayakucaphuna lesi mayelana nawe, bathi: Ukhamba lufuze imbiza.
Wawendlala phambi kwami, wawulotshiwe ngaphandle nangaphakathi. Kuwo kwakubhalwe izililo nokuzila, nokuthi: “Maye!”
Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.
Kuyakuba khona isililo nasezivinini zonke, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwenu,” kusho uSimakade.
Nina zakhamuzi zaseMaresha, ngizakunithumelela futhi umthumbi, udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulami.
Ngenxa yalokhu ngiyakukhala, ngikhihle isililo, ngihambe ngingafake zimbadada, ngihamba ze, ngiklewule njengempungushe, ngilile kube sengathi ngamazinyane entshe.
Sukumani nihambe, ngokuba lena akusiyona indawo yokuphumula, ngoba ingcolile, iyakuqotha imbokodo nesisekelo kabi.
Abayukukhuza yini isaga ngaye bampongoloze iculo bebhinqa benze imfumbe ngaye, omunye wathi: “ ‘Maye, kulowo owandisa okungesikho okwakhe, kuyoze kube nini na? – lowo ozethwesa umthwalo onzima ngezibambiso!
UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “Sukuma Bhalaki, ubeke indlebe; ungilalele, wena ndodana kaZiphori.
UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’
UBhileyamu wayesethatha ethi: “Umbiko kaBhileyamu indodana kaBheyori, umbiko womuntu oso lakhe livuliwe,
Wayesedlulisa umbiko, wathi: “Umbiko kaBhileyamu indodana kaBheyori, ukukhuluma kwalowo muntu oliso lakhe livulekile,
Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba.
Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.