Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:29 - IsiZulu 2020

29 Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Uyophumputha emini njengempumputhe ebumnyameni, futhi ngeke uphumelele ezindleleni zakho; niyocindezelwa njalo nje, niphangwe, kungabikho onisindisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:29
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abesilisa abasha nabadala ababengaphandle kwendlu kaLothi bashaywa ngobumpumputhe, bawufuna umnyango baze badikibala.


Ngenxa yezono zethu, isivuno salo esikhulu sesidliwa ngamakhosi owabeke phezu kwethu. Abusa thina nemfuyo yethu ngokuthanda kwawo. Sisenhluphekweni enkulu.”


Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”


Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”


Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


Babephuphutheka, bezulazula emigwaqweni, bengcoliswe yigazi ngangokuthi akekho owayengathinta izingubo zabo.


Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele; ngenxa yalezo zinto, amehlo ethu afiphele.


Sesibuswa yizigqila; akekho ongasikhulula esandleni sazo.


“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuSimakade. Igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nezibilini zabo njengobulongwe.


wathathe uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuze aphuce amakhanda, khona bonke bezokwazi ukuthi akukho lutho oluliqiniso kulokho okubikiwe ngawe, kodwa ukuthi nawe uyavumelana nomthetho futhi uyawugcina.


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


USimakade uyokushaya ngokuhlanya, ngobumpumputhe, nangokudideka komqondo.


babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.


Abantu bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni, inkosi yakwaMowabi, iminyaka eli-18.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka