Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngalolosuku umuntu uyakwenza umfanekiso ngani, alile ngesililo, athi: Sibhujisiwe saphela; Washintsha indawo yabantu bami; uyisuse kanjani kimi! Wahlukanisa insimu yethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 2:4
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:


uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa!


Umhlaba uyakuba yize leze, uphangwe nokuphangwa, ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”


“ ‘Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe, bathi: “Njengonina, injalo indodakazi.”


Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: “Maye!”


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka ngomyeni wobusha bayo.


Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.


nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala, ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.


Ngisezakwehlisa phezu kwenu enakhileyo eMaresha oyakunidla: udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.


Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.


Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.


“Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi: “ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe koze kube nini na? – nozisindisa ngezibambiso!’


“Ngiyakuqothula nokuqothula konke, kusuke ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, wena ndodana kaSipori:


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu oso lakhe livuliwe uthi,


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,


Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.


uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka