Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoweli 3:11 - IsiZulu 2020

Sheshani nize zizwe zonke ezindaweni zonke, nihlangane ndawonye. Simakade, yehlisela amaqhawe akho lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane, wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Buthanani nize nina zizwe zonke, nibuthane nxazonke; makwehlele khona amaqhawe akho, Jehova.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoweli 3:11
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.


Ihlozi lehlathi liyogencwa ngembazo, neLebhanoni liyowa ngenxa yoNamandla.


Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami. Ngiwabizile amaqhawe ami, abangabami abajabula ngokuziqhenya, ukuze babonise intukuthelo yami.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.


“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.


“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.