Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 3:12 - IsiZulu 2020

12 “Mabazivuse izizwe, mazikhuphukele esigodini sikaJehoshafathi, ngokuba ngiyakuhlala lapho ngehlulele zonke izizwe ezilapho nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Mabazivuse abezizwe, benyukele esigodini sikaJehoshafati, ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Izizwe mazivuke, zikhuphukele esigodini sikaJehoshafati, ngokuba ngiyakuhlala khona ukuba ngahlulele zonke izizwe nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 3:12
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesine babuthana esiGodini iBherakha, bambonga lapho uSimakade. Igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi iBherakha, kuze kube namuhla.


Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,


USimakade umele isikhundla sakhe, ukuthetha icala, ehlulela izizwe.


“ ‘Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaSimakade selusondele; luzokuba lusuku lwamafu nesikhathi senhlekelele kwabezizwe.


“ ‘ “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginike uGogi indawo yokungcwaba kwa-Israyeli, isigodi salabo abedlula empumalanga yolwandle, abavimbe abadlulayo, bayakumngcwaba lapho uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isigodi iHamoni Gogi.


Yizindimbane ngezindimbane esigodini sesinqumo, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele esigodini sesinqumo.


ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.


Uyakwehlulela izizwe eziningi, akhiphe isinqumo ezizweni ezinamandla ezikude. Ziyakucangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, imikhonto yazo ibe yiziphundli. Isizwe asisayukuhlasela esinye isizwe ngenkemba, futhi azisayukuqeqeshelwa ukulwa.


Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu.


Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka