Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 4:12 - IsiZulu 2020

12 “Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha azazi imicabango kaJehova, aziqondi amasu akhe, ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa abayazi imicabango kaJehova futhi abaqondi iseluleko sakhe, ngoba uyobabutha njengezithungu esibuyeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 4:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.


Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!


Kodwa akusikho lokho ama-Asiriya akuhlosile, futhi akukhona lokhu akucabangayo. Okusenhliziyweni yawo ukubhubhisa nokushabalalisa izizwe eziningi.


Wena ongokubhuliweyo kwesibuya sami, lokhu engikuzwe ngoSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli; ngiyakukumemezela kuwe.


Isixuku sezizwe ezazilwa ne-Ariyeli, zilwa nalo nenqaba yalo, zilicindezela, ziyokuba njengesiphepho nanjengombono ebusuku.


“Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” kusho uSimakade.


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


“Uyizembe lami nezikhali zokulwa; ngawe ngiphahlaza izizwe, ngawe ngibhubhisa imibuso,


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBhabhele injengesibuya, ngesikhathi sinyathelwa. Kuseyisikhashana nje, sizofika nakuyo isikhathi sokuvunwa kwayo.”


ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.


Lo oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe, ukushanelisisa isibuya sakhe, abuthe ukolo awufake enqolobaneni yakhe; amakhoba awashise ngomlilo ongacimekiyo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka