Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.
UJoshuwa 21:1 - IsiZulu 2020 Kwase kusondela izinhloko zemindeni yabaLevi ku-Eleyazare, umphristi benoJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yezizwana zakwa-Israyeli; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku-Eleyazare umpristi, nakuJoshuwa indodana kaNuni, nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, Contemporary Zulu Bible 2024 Izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi zasondela ku-Eleyazare umpristi, noJoshuwa, indodana kaNuni, nasezinhloko zezindlu zawoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; |
Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.
Nazi izinhloko zokhokho ngokwezindlu zazo: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: nguHanoki, uPhalu, uHezironi, noKharimi. Yiyo-ke le imindeni kaRubeni.
U-Eleyazare indodana ka-Aroni wathatha enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, yaba ngumkakhe, yamzalela uFinehasi. Yilezi-ke izinhloko zokhokho babaLevi ngemindeni yabo.
USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:
Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”
Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.
Eza phambi komphristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni, nabaholi bakwa-Israyeli, athi: “USimakade wayala uMose ukuba asinike isabelo sethu kanye nesabafowethu.” Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade wawanika isabelo sawo phakathi kwabafowabo ababezalwa ndoda yinye.
Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.