Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 19:51 - IsiZulu 2020

51 Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Lawa angamafa u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ngenkatho eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetabernakele, njengalokho behlukaniselwa izwe. Ifa elivela ebandleni. Base beqeda ukuhlukanisa izwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 19:51
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe.


Wathi kubo: “Kuyiqiniso, nizakusiphuza isitsha sami, kodwa ukuhlala ngakwesokunene nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuphana ngakho, kepha kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.”


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.


Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.


USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi:


Ngakho-ke bathi: “Niyabona-ke, kuzoba nomkhosi kaSimakade waminyaka yonke eShilo, elisenyakatho yeBhethele, ngasempumalanga yomgwaqo okhuphuka eBhethele uya eShekhemu, eningizimu yeLebhona.”


niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini.


Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka