Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 14:1 - IsiZulu 2020

1 Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamafa abantwana bakwa-Israyeli abawadla njengefa ezweni laseKhanani, umpristi u-Eleyazare, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ababanika wona njengefa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 14:1
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ka-Abhishuwa, kaFinehasi, ka-Eleyazari, ka-Aroni, umphristi omkhulu,


“ ‘Kuyothi lapho izwe senilehlukanisa ngonkatho ukuba libe yifa, bese ninikela kuSimakade ingxenye yalo ekhethekileyo, ubude balelo lizwe kube ngamakhubhithi ayizi-25 000; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-10 000; liyakuba yindawo engcwele, kuyo yonke imingcele yalo nxazonke.


UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.


Kepha niyowela iJordani, nihlale ezweni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, libe yifa lenu. Uyakuninika ukuphumula ezitheni zenu zonke, nxazonke, futhi niyohlala nilondekile.


zonke izakhamuzi zakwelezintaba, kusuka eLebhanoni kuya eMishirefothi Mayimi, nawo wonke amaSidoni. Mina luqobo ngizobaxosha phambi kuka-Israyeli; izwe ngilabele u-Israyeli kuphela, libe yifa lakhe njengalokhu ngikuyalile.


Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.


Kwase kusondela izinhloko zemindeni yabaLevi ku-Eleyazare, umphristi benoJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yezizwana zakwa-Israyeli;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka