Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 2:4 - IsiZulu 2020

Kepha owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawafihla. Wayesethi: “Yebo, impela lawo madoda afikile kimi, kodwa angiwazanga ukuthi avelaphi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Owesifazane wawathatha amadoda amabili, wawafihla, wathi: “Kwakukhona amadoda eza kimi, kepha bengingazi ukuthi avelaphi;

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 2:4
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalo akusiwona umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.


Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungoba abesifazane bamaHebheru kabafani nabesifazane baseGibhithe; banamandla, kuthi engakafiki umbelethisi kubo, babe sebebelethile.”


Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?


Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.”


Kuthe kusihlwa sekuzovalwa isango, asuka ahamba. Angazi ukuthi aphume alibhekisaphi. Phuthumani niwalandele, ngokuba ningase niwafice.”


Umuzi nakho konke okukuwo kuyakunikelwa kuSimakade, ubhujiswe, nguRahabi isifebe kuphela nabo bonke abanaye endlini yakhe abayosinda, ngokuba wathukusa izinhloli zethu esasizithumele.


UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.