Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 6:25 - IsiZulu 2020

25 UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha uRahabi isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke anabo, uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla, lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJoshuwa wayesebasindisa uRahabi isifebe, nendlu kayise, nabo bonke anabo; wahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla; ngoba wafihla izithunywa uJoshuwa azithuma ukuhlola iJeriko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 6:25
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi;


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi, asindiswe.’


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.


Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


uma kuyothi lapho sihlasela izwe, sithole ungayibophelanga le ntambo ebomvu efasiteleni owasikhipha ngalo, futhi ungaqoqelanga endlini yakho uyihlo nonyoko nabafowenu nabo bonke abendlu kayihlo.


Kepha owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawafihla. Wayesethi: “Yebo, impela lawo madoda afikile kimi, kodwa angiwazanga ukuthi avelaphi.


Kodwa ngaleso sikhathi wayesezikhuphulele phezulu ophahleni lwendlu yakhe, wazifihla phansi kwenyanda yekhwani ayeyibeke lapho.


UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka