Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke, nokho uyangibhubhisa.
UJobe 13:19 - IsiZulu 2020 Ngubani ozophikisana nami na? Ngokuba uma kunjalo ngizozithulela ngize ngife. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngubani oyakuphikisana nami na? Ngokuba lapho bengiyakuthula, ngigqabuke. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani ongangiphikisa na? ngoba manje, uma ngibamba ulimi lwami, ngizonika umoya. |
Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke, nokho uyangibhubhisa.
Zimbili kuphela izinto engicela ungenzele zona, ukuze ngingabucasheli ubuso bakho:
“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu.
Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.
Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo.