Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 19:5 - IsiZulu 2020

5 Uma impela niyozikhukhumeza ngaphezu kwami, niphikisana nami ngehlazo lami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uma impela niyazikhukhumezela kimi, niphikisane nami ngehlazo lami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma ngempela nifuna ukuziphakamisa ngokumelene Nami futhi nimele ihlazo lami ngokumelene Nami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 19:5
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”


Uma impela ngonile, ukona kwami kuhleli kimi.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.”


Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ukuze isitha sami singaqhoshi ngami.


Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela.


Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami.


Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”


Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


Yilokho okuyakuba ngokwabo esikhundleni seqholo labo, ngokuba bathuke inhlamba, basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.


“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.


“INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.”


Abafundi bakhe bambuza, bathi: “Rabi, ngubani owonayo; yilo noma ngabazali bakhe, ukuze azalwe eyimpumputhe na?”


Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.


Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka