Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 7:11 - IsiZulu 2020

11 “Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngalokho nami angiyikubamba umlomo wami; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho-ke angiyikubamba umlomo wami; Ngiyakukhuluma ekuhluphekeni komoya wami; ngiyakukhononda ngomunyu womphefumulo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 7:11
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base behlanganisa amakhanda, bavumelana bathi: “Impela sinecala ngomfowethu, salubona usizi enhliziyweni yakhe, esincenga ukuba simhawukele, kodwa asimlalelanga, yingakho sivelelwa yinkathazo enje.”


“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


Uma ngenzile okubi, maye kimi! Uma bengilungile, bengingayukuliphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ihlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


“Thulani, ukuze ngikhulume, noma ngabe ngehlelwa yini akusho lutho lokho.


“Uma ngikhuluma, ubuhlungu bami abuyukudanjiswa, nalapho ngithula, bungakanani obusukayo kimi na?


Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engakaze adle okuhle.


“Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.


Qaphela, ungaphendukeli ebubini, ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi.


Nicabanga ukuthi ningawasola amazwi, ngokungathi ukukhuluma kophelelwe yithemba, kungumoya nje na?


Uma ngithi: ‘Ngizokhohlwa ngukukhononda, ngizoyeka ukunyukubala, ngithakase,’


Inhliziyo yami yabila ngaphakathi, kwaphembeka umlilo ngisazindla, ngakuphumisela ngolimi lwami.


Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho.


Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.


Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


Ngokuba nganilobela ngisezinhlungwini, ngidabukile enhliziyweni, futhi kuphophoza izinyembezi, hhayi ukuba nginizwise ubuhlungu, kodwa ukuba nazi ukuthi nginithanda kakhulu.


Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka