UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.
UGenesise 21:3 - IsiZulu 2020 U-Abhrahama wayiqamba indodana ayizalelwe nguSara ngokuthi ngu-Isaka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe ayizalelwayo, uSara amzalela yona, ngokuthi u-Isaka. |
UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.
Kepha isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, ozomzalelwa nguSara ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.”
UNkulunkulu wathi ku-Abhrahama: “Ungakhathazeki kangaka ngomfana nesigqila sakho. Lalela konke akushoyo uSara, ngokuba uzalo luka-Isaka oluyobizwa ngawe.
USara wathi: “UNkulunkulu ungijabulisile ngahleka, bonke abakuzwayo lokhu bazojabula kanye nami.”
UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”
U-Abhrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo;
“Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12.
Akuyibo bonke abawulibo luka-Abhrahama abangabolibo lwakhe loqobo, kodwa ngo-Isaka bayakubizwa ngolibo lwakho.
Ngamthatha ukhokho wenu u-Abhrahama ngaphesheya komfula, ngamhola edabula lonke iKhanani, ngenza isizukulwane sakhe saba singi, ngamnika u-Isaka.