Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 21:2 - IsiZulu 2020

2 USara wakhulelwa, wamzalela u-Abhrahama indodana esemdala, ngesikhathi uNkulunkulu ayekhulume naye ngaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana ebudaleni bakhe ngesikhathi esimisiwe uNkulunkulu abesikhulume kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 21:2
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.


Kepha isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, ozomzalelwa nguSara ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.”


Enye yalawo madoda yathi: “Ngizobuya noma kanjani ngalesi sikhathi ngonyaka ozayo; umkakho uSara uzobe esenendodana.” USara wakuzwa lokho esemnyango wethende ngemva kuka-Abhrahama.


Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


Phela u-Elizabethe, isihlobo sakho, obekuthiwa inyumba naye ukhulelwe indodana esemdala; le yinyanga yakhe yesithupha.


“Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12.


Ngokuba lingesithembiso leli elithi: “Ngizobuya ngalesi sikhathi, uSara uzobe esenendodana.”


Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abhrahama wayenamadodana amabili, enye kungeyesigqilakazi enye kungeyokhululekileyo.


Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.


Ngamthatha ukhokho wenu u-Abhrahama ngaphesheya komfula, ngamhola edabula lonke iKhanani, ngenza isizukulwane sakhe saba singi, ngamnika u-Isaka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka