Kwathi sekuphele amanzi emvabeni, owesifazane wambeka phansi kwesihlahla umfana.
UGenesise 21:16 - IsiZulu 2020 Wasuka wathi qekelele, wahlala phansi ibanga elingangokuciba umcibisholo, ngokuba wathi: “Mangingakuboni ukufa komfana.” Wahlala phansi phambi kwakhe wadazuluka, wakhala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasehamba wahlala phansi maqondana laye, khatshana nje, njengokudubula komnsalo; ngoba wathi mangingaboni ukufa komntwana. Wahlala maqondana naye, waphakamisa izwi lakhe, wakhala. |
Kwathi sekuphele amanzi emvabeni, owesifazane wambeka phansi kwesihlahla umfana.
U-Esawu wathi kuyise: “Baba, ubunesibusiso esisodwa na? Ngibusise nami baba!” Wadazuluka wakhala.
Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”
Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”
Owesifazane okungowakhe umntwana ophilayo wakhuluma enkosini, ngenxa yokuthi kwavuka izinseka ngomntwana wakhe, wathi: “Ngixolele, nkosi yami, mnike yena umntwana ophilayo, ungalokothi umbulale,” kepha lo omunye, wathi: “Makangatholwa muntu phakathi kwami nawe; makaklaywe.”
Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”
“Owesifazane angakhohlwa yini ngumntwana wakhe oncelayo, angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena.
Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.
“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”
“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.
Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.
Sengathi uSimakade anganenza nifumane ukuphumula, yilowo nalowo emzini womyeni wakhe.” Wabe eseyabanga, base bedazuluka bekhala.
Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Ngabe yizwi lakho leli, ndodana yami, Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.
UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila.