Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 8:6 - IsiZulu 2020

6 Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba ngingakubekezelela kanjani ukubona ububi obuzokwehlela abantu bami na? noma ngingabekezelela kanjani ukubona ukubhujiswa komndeni wami?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 8:6
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”


Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?”


Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”


Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka