Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 30:4 - IsiZulu 2020

4 UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDavide namadoda ayenaye baphakamisa amazwi abo, bakhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 30:4
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


Inhlangano yonke yaphakamisa izwi layo yakhala, abantu bakhala ngalobo busuku.


UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.


Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.


Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.


Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushiswe ngomlilo; omkabo, amadodana abo, namadodakazi abo bethunjiwe.


Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka