imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
UGenesise 20:1 - IsiZulu 2020 U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wasuka lapho waya ezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neSuri, wagogobala eGerari. |
imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
U-Abhrama nomkakhe nakho konke ayenakho basuka eGibhithe bakhuphuka babheka eningizimu noLothi.
Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
USarayi umka-Abhrama wayengamtholeli bantwana; wayenencekukazi engumGibhithe, igama layo kunguHagari.
Yingakho leso siphethu sisabizwa ngokuthi yiBheri Lahayi Royi. Siphakathi kweKadeshi neBheredi.
Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.
USimakade wabonakala ku-Abhrahama ngasezihlahleni ezinkulu zemi-okhi eMamre, ezihlalele emnyango wethende lakhe, lishisa bhe.
U-Isaka wabuya ngaseBheri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni eliseNingizimu.
Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.
Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.
Kwaqubuka umbango phakathi kwabelusi baseGerari nabaka-Isaka, abaseGerari bethi: “Lawa manzi ngawethu.” Wawuqamba lowo mthombo wathi yi-Eseki okunguthi kusembangweni, ngoba bambangisa.
Kwase kufika u-Abhimeleki evela eGerari, ehamba no-Ahuzathi umeluleki wakhe, noPhikholo, umkhuzi wamabutho empi yakhe.
Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi.
UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.
Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.
Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.
“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.
ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli.
USawule wawanqoba ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kweGibhithe.