Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 20:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 U-Abrahama wasuka lapho waya ezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neSuri, wagogobala eGerari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 20:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.


Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.


U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.


Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.


USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.


Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi;* bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.


Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.


UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.


U-Abrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi.


Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.


Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.


Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.


Abelusi baseGerari baphikisana nabelusi baka-Isaka, bathi: “Amanzi angawethu.” Wabiza igama lomthombo ngokuthi i-Eseke,* ngokuba baphikisana naye.


U-Abimeleki wayeseya kuye evela eGerari, eno-Ahuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe.


U-Isaka wahlala-ke eGarari.


Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.


UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;


“Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.


ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka