Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 15:12 - IsiZulu 2020

Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi selishona ilanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, wehlelwa yingebhe yobumnyama obukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 15:12
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kwehlela amanqe enyameni, kodwa u-Abhrama wawaxosha.


USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo.


Kwathi angafika endaweni ethile selishonile ilanga, wahlala lapho lobo busuku. Wathatha elinye lamatshe akuleyo ndawo waqamela kulo, walala.


Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,


Insizwa ethile, igama layo linguYuthikhusi, yayihleli efasiteleni, yazunywa ngubuthongo obunzima, ngokuba uPawula wayeshumayele isikhathi eside, seyehlulwe ngubuthongo, yawa isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.


UDavide wayesewuthatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba. Ababonwanga muntu, akekho owayazi ngalokho, futhi akuvukanga muntu, ngokuba bonke babezunywe ngubuthongo obunzulu obabuvela kuSimakade.