Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 26:12 - IsiZulu 2020

12 UDavide wayesewuthatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba. Ababonwanga muntu, akekho owayazi ngalokho, futhi akuvukanga muntu, ngokuba bonke babezunywe ngubuthongo obunzulu obabuvela kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke, lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UDavide wathatha umkhonto nesiphambano samanzi emgodleni kaSawule; basuka, akwabona muntu, nokwaziyo, nokwavuka; ngoba bonke balala; ngoba ubuthongo obunzima bukaJehova behlela phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 26:12
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.


USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo.


Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.


Ngokuba uSimakade uthululele kini umoya wobuthongo obunzulu, uvale amehlo abaphrofethi bakini, wemboza amakhanda ezangoma zakini.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


UDavide wayesewelela ngaphesheya, wema esicongweni sentaba ekude, washiya isikhala esikhulu phakathi kwabo.


UDavide no-Abhishayi baya kubantu ebusuku. Bheka, uSawule wayelele zwi enkanjini, umkhonto wakhe ugxunyekwe emhlabathini ngasekhanda lakhe. U-Abhineri nabantu bakaSawule babelele bemzungeze nxazonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka