Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 33:15 - IsiZulu 2020

15 Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ephusheni, embonweni wasebusuku, lapho ubuthongo obunzima bubehlela abantu, ebuthongweni embhedeni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 33:15
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”


UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono eminingi ebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Yena wathi: “Ngilapha.”


“Izwi lafika isinyenyela kimi, indlebe yami yezwa ukunyenyeza kwalo.


Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.


Ngakho-ke yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli, ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


Ngase ngifikelwa yiphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono emqondweni wami yangesabisa.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Emveni kokuba sezixwayisiwe ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zaphindela ezweni lakubo ngenye indlela.


Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”


UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka