Indlala yayisezweni lonke, ngakho-ke uJosefa wazivula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibhithe, ngokuba indlala yayisidlangile naseGibhithe.
UGenesise 12:10 - IsiZulu 2020 Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwaba khona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona; ngoba indlala yayinzima elizweni. |
Indlala yayisezweni lonke, ngakho-ke uJosefa wazivula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibhithe, ngokuba indlala yayisidlangile naseGibhithe.
Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.
Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani.
Kwakungekho kudla ezweni lonke, ngokuba indlala yayibhokile eGibhithe naseKhanani.
Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”
U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo lizwe. Amadodana abaphrofethi ayehleli phambi kwakhe. Wathi encekwini yakhe: “Bheka ibhodwe elikhulu, uphekele amadodana abaphrofethi ukudla.”
Kwaba khona indlala enkulu eSamariya. Balivimbezela, ikhanda lembongolo laze lathengiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingama-80, nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu zesiliva eziyisihlanu.
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
“Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibhithe naseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; okhokho kabakutholanga ukudla.
Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi.