Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 21:1 - IsiZulu 2020

1 Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwase kuba khona indlala emihleni kaDavide iminyaka emithathu, umnyaka ngomnyaka; uDavide wabuza kuJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nendlu yakhe yamagazi, ngoba wabulala abaseGibeyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 21:1
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.


Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.


Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.


Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani.


Indlala yayisalokhu idlangile ezweni.


USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”


U-Ira umJayiri engumphristi kaDavide.


Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo, owenza icebo ngathi wayefuna siqothulwe phakathi kwemingcele yakwa-Israyeli.


Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngenyuke yini ngihlasele amaFilisti na? Uzowanikela yini esandleni sami?” USimakade wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngizowanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”


UDavide wabuza kuSimakade, Yena wathi: “Ungenyuki, gega ngemuva kwawo, uwathelekele maqondana nezihlahla zebhalisamu.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Wayesehamba u-Eliya wayozibonakalisa ku-Ahabi. Indlala yayibhokile eSamariya.


Kwaba khona indlala enkulu eSamariya. Balivimbezela, ikhanda lembongolo laze lathengiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingama-80, nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu zesiliva eziyisihlanu.


U-Elisha wayekhulume kowesifazane ayevuse indodana yakhe yaphila, wathi: “Suka uhambe nabendlu yakini, uyohlala lapho ungahlala khona, ngokuba uSimakade ubikezele ukuthi kuzokuba nendlala ezohlasela izwe iminyaka eyisikhombisa.”


Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.”


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.”


Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli.


Yilokhu esizokwenza kubo: sizobayeka baphile ukuze singehlelwa wulaka ngenxa yesifungo esisenze kubo.”


Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi.


Babuye babuza kuSimakade ukuthi: “Usazofika yini lowo muntu na?” USimakade waphendula wathi: “Bheka, ukhona, ucashe empahleni.”


Abantu baseKheyila bayakunikela yini ngami esandleni sakhe na? USawule uyakwehla yini njengalokhu inceku yakho izwile na? Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.” Wathi uSimakade: “Uyakwehla.”


UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngihambe yini ngiyowabulala lawo maFilisti na?” USimakade wathi kuDavide: “Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKheyila.”


UDavide waphinda wabuza kuSimakade. USimakade wamphendula wathi: “Suka wehlele eKheyila, ngokuba amaFilisti ngizowanikela esandleni sakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka