Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwaba khona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona; ngoba indlala yayinzima elizweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 12:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indlala yaba phezu komhlaba wonke; uJosefa wavula zonke iziphala, wathengisela amaGibhithe; indlala yaba nzima ezweni laseGibithe.


Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.


Abantwana bakwa-Israyeli beza ukuthenga ukolweni phakathi kwabafikayo, ngokuba indlala yayikhona ezweni laseKhanani.


Kwakungekho sinkwa ezweni lonke; ngokuba indlala yayinzima kakhulu, izwe laseGibithe nezwe lonke laseKhanani kwafa indlala.


Kwase kuba khona indlala emihleni kaDavide iminyaka emithathu, umnyaka ngomnyaka; uDavide wabuza kuJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nendlu yakhe yamagazi, ngoba wabulala abaseGibeyoni.”


U-Elisha wabuye wafika eGiligali, kwakukhona indlala ezweni; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe;


Kwase kuba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ikhanda lembongolo ngamashekeli angamashumi ayisishiyagalombili esiliva, nengxenye yesine yenkemba yamathonsi ejuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva.


Bahamba besuka kwesinye isizwe besiya kwesinye, besuka komunye umbuso besiya kwabanye abantu;


Izwe elivundile libe yigwadule ngenxa yobubi balabo abahlala kulo.


Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngokuswelakala.


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Kwase kufika indlala ezweni lonke laseGibithe nelaseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumananga ukudla.


Kwasekusithi emihleni yokubusa kwabahluleli, kwaba khona indlala elizweni; Indoda ethile yaseBetlehema Juda yahamba yagogobala ezweni lakwaMowabi, yona nomkayo namadodana akhe amabili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka