Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 12:11 - IsiZulu 2020

11 Kuthe lapho sebezongena eGibhithe wayesethi kumkakhe uSarayi: “Ngazi kahle ukuthi ungowesifazane omuhle kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Esesondele ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle obukekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 12:11
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekufikeni kuka-Abhrama eGibhithe, amaGibhithe ambona owesifazane ukuthi muhle ngokwedlulele.


Kwathi lapho uNkulunkulu engikhipha kwabakithi ngathi kumkami: ‘Uyobe ukhombise ukuthembeka uma noma kuphi lapho sifika khona ubatshela ukuthi ngingumfowenu.’ ”


U-Abhrahama wathi ngomkakhe uSara: “Ungudadewethu.” U-Abhimeleki, inkosi yaseGerari, wathumela ukuba alandwe uSara, ukuze azithathele yena.


Wayenguzime, isiphalaphala sentombi eyayingakaze ithintwe yindoda. Wehlela emthonjeni, wagcwalisa imbiza, wayesekhuphuka.


Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu.


ULeya wayenamehlo ayebuthakathaka kanti uRaheli wayemuhle ngesimo ebukeka kahle.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Intombi yayiyinhle kakhulu, yayinakekela inkosi; yayisebenzela, kodwa inkosi ayilalanga nayo.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Othandiweyo wami kimi ufana nesixha sehena ezivinini zase-Eni Gedi.


Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka