noGebheri, indodana ka-Uri kwaGileyadi, izwe likaSihoni, inkosi yama-Amori no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo lizwe.
UDuteronomi 3:1 - IsiZulu 2020 “Saphenduka, sakhuphuka ngendlela eya eBhashani, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, waphuma wazobhekana nathi, yena nabantu bakhe bonke, balwa nathi ngase-Edireyi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Sase siphenduka sakhuphuka ngendlela eya eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa ngase-Edireyi. Contemporary Zulu Bible 2024 Sase siphenduka, sakhuphukela eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlangabeza, yena nabo bonke abantu bakhe, ukulwa e-Edireyi. |
noGebheri, indodana ka-Uri kwaGileyadi, izwe likaSihoni, inkosi yama-Amori no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo lizwe.
“Wanikela kubo imibuso nezizwe, wandisa imingcele yabo. Badla izwe likaSihoni, inkosi yaseHeshibhoni nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani.
Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.
“USihoni waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzobhekana nathi, alwe nathi eJahazi.
“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba.
USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngoba yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ngikunikele esandleni sakho. Uyokwenza kuye njengoba wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’
USimakade uyokwenza kuzo njengalokhu enza kuSihoni no-Ogi, amakhosi ama-Amori awabhubhisayo, kanjalo nasezweni lawo.
Balidla izwe lakhe, badla nelika-Ogi inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,
Indawo yabo yayisuka eMahanayimi, idabule kulona lonke iBhashani, wonke umbuso wenkosi u-Ogi waseBhashani, nemizi yonke eJayiri, eyayiseBhashani, okuyimizi engama-60,
nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.