Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 12:1 - IsiZulu 2020

1 Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamakhosi ezwe anqoba abantwana bakwa-Israyeli, adla izwe labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kufike entabeni yaseHermoni nasethafeni lonke ngasempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 12:1
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

noGebheri, indodana ka-Uri kwaGileyadi, izwe likaSihoni, inkosi yama-Amori no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo lizwe.


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade,


Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.


Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo, namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.


Basuka nalapho baze bayokanisa maqondana ne-Arinoni, ehlane elize liyofika endaweni yama-Amori. I-Arinoni lalingumngcele owehlukanisa elakwaMowabi nelama-Amori.


U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, wathi:


Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.


Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”


Siyakuwela sihlomile phambi kukaSimakade, siye eKhanani, nokho izwe eliyifa lethu liyosala lingelethu ngaphesheya kweJordani.”


UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.


“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini.


“USihoni waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzobhekana nathi, alwe nathi eJahazi.


“Saphenduka, sakhuphuka ngendlela eya eBhashani, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, waphuma wazobhekana nathi, yena nabantu bakhe bonke, balwa nathi ngase-Edireyi.


Yiwo lo umthetho uMose awubeka phambi kwabantu bakwa-Israyeli,


phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi i-Arinoni kuya entabeni iSiyoni, okuyiHermoni,


aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”


kusukela entabeni iHalakhi, ekhuphukela ngaseSeyiri kuze kuyofika eBhali Gadi esigodini iLebhanoni phansi kwentaba iHermoni. Wawaqumba phansi wonke amakhosi awo, wawabulala ngenkemba.


nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha.


Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona:


Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.


“Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka