Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 3:2 - IsiZulu 2020

2 USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngoba yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ngikunikele esandleni sakho. Uyokwenza kuye njengoba wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngokuba ngimnikele yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho, wena wenze kuye, njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wayesethi uJehova kimi: “Ungamesabi, ngokuba ngiyakumnikela yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho; uyakwenza kuye njengoba wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 3:2
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


USimakade wathi kuMose: “Ungamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho nabantu bakhe bonke nezwe lakhe. Uyokwenza kuye njengalokhu wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.”


INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli,


yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’


athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo.


“Saphenduka, sakhuphuka ngendlela eya eBhashani, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, waphuma wazobhekana nathi, yena nabantu bakhe bonke, balwa nathi ngase-Edireyi.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka