Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:37 - IsiZulu 2020

37 Nokho izwe labakwa-Amoni awuzange usondele kulo, kusukela engxenyeni engenhla yomfula iJakobi, nemizi ekwelezintaba, njengakho konke uSimakade uNkulunkulu ayesiyale ngakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJaboki, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Kuphela ezweni labantwana bakwa-Amoni anifikanga kuzo, nakuyo yonke indawo yomfula iJabhoki, nasemizini yasezintabeni, nakho konke uJehova uNkulunkulu wethu asenqabele ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:37
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.


Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.


Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”


ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.


“USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”


AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika kusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini i-Arinoni, phakathi nesigodi kwaba ngumngcele wabo. Umfula iJakobi ingumngcele wabantu bakwa-Amoni,


inkosi uSihoni wama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri elisonqenqemeni lwesigodi i-Arinoni, naphakathi nesigodi, kuze kufike emfuleni iJabhoki, umngcele wama-Amoni okungukuthi yingxenye kwaGileyadi,


wathi kuyo: “Yilokhu okushiwo nguJeftha, uthi abakwa-Israyeli abazange balithathe izwe lakwaMowabi nelabakwa-Amoni,


Balidla lonke izwe lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuye eJabhoki, nasehlane kuze kube seJordani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka